Akashiyanga muntu kuJehowahazi, kuphela impi eyayingevile kwabamahhashi abangama-50, izinqola zempi ezilishumi namabutho ahamba ngezinyawo ayizi-10 000, ngokuba inkosi yase-Aramu yayibaqothe bafana nothuli esibhulweni.
AmaHubo 18:42 - IsiZulu 2020 Ngibacolisisa okothuli lupheshulwa yisiphepho, ngibashabalalisa okodaka emgwaqweni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngabacolisisa njengothuli emoyeni; ngabalahla njengensila ezitaladini. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngabachoboza njengothuli phambi komoya; ngabalahla njengothuli emigwaqweni. |
Akashiyanga muntu kuJehowahazi, kuphela impi eyayingevile kwabamahhashi abangama-50, izinqola zempi ezilishumi namabutho ahamba ngezinyawo ayizi-10 000, ngokuba inkosi yase-Aramu yayibaqothe bafana nothuli esibhulweni.
“Nina enikhohlwa nguNkulunkulu, kuqapheleni lokho, funa nginidwengudwengule, kungabi bikho onisindisayo.
khona bayakungibiza, kodwa angiyukuphendula; bayakungifunisisa, kodwa ngeke bangifumane,
Ngiyithuma esizweni esingenabunkulunkulu, ngiyijube ukubhekana nabantu engibathukuthelele ukuba ibaphange impango, iqhwage impahla, ibaxove njengodaka emigwaqweni.
Ngokuba isandla sikaSimakade siyophumula phezu kwale ntaba. AbakwaMowabi bayodovadovwa endaweni yakubo, njengenqwaba yotshani bunyathelwa endundumeni yobulongwe.
“Ngubani okuvusile ukulunga ukuba kuphume empumalanga, akubize ukuba kumlandele, anikele izizwe phambi kwakhe, anyathele amakhosi, awenze abe njengothuli ngenkemba yakhe, nanjengamabibi epheshulwa ngumnsalo wakhe na?
Bayakuba njengamaqhawe enyathela udaka emigwaqweni lapho kuliwa. Bayakulwa, ngokuba uSimakade ungakubo, bathelwe ngehlazo abagibeli bamahhashi.
Niyakugxoba abangalungile, ngokuba bayakuba wuthuli phansi kwezinyawo zenu ngosuku engiyakukwenza ngalo,” kusho uSimakade Wamabandla.