UDavide washo amazwi aleli hubo kuSimakade, ngosuku uSimakade amsindisa ngalo esandleni sazo zonke izitha zakhe nasesandleni sikaSawule imbala,
AmaHubo 18:18 - IsiZulu 2020 Zingihlasele ngacishe ngabhubha, kodwa uSimakade wangivikela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme sami, kepha uJehova waba yinsika yami. Contemporary Zulu Bible 2024 Bangivimbezela ngosuku lwesigemegeme sami, kepha uJehova waba yinsika yami. |
UDavide washo amazwi aleli hubo kuSimakade, ngosuku uSimakade amsindisa ngalo esandleni sazo zonke izitha zakhe nasesandleni sikaSawule imbala,
Bangihlasela ngosuku engehlelwa ngalo yinhlekelele, kodwa uSimakade waba yinsika yami.
Noma ngihamba ngikhungethwe ukuhlupheka, uyongilondoloza, uyokwelula isandla sakho ungivikele olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise.
Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho, ngithabele umusa wakho ekuseni, ngokuba uyinqaba yami nesiphephelo sami ngosuku lokuhlupheka kwami.
Njengomoya wasempumalanga ngiyakubahlakaza phambi kwezitha zabo, ngibabonise umhlane, hhayi ubuso, ngosuku lwenhlekelele yabo.”
Ngizithukuthelele kakhulu izizwe ezinethezekileyo, ngokuba uma ngithukuthele kancane nje, zona ziyadlanga ngobubi.’
Impindiselo ingeyami, nokunxephezela kungokwami, lapho unyawo lwabo lushelelela okwesikhashana, ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selusondele, izinto abalungiselelwe zona uyozenza zifike ngokushesha kubo.
UDavide wayekhathazekile kakhulu, ngoba abantu base bebhunga ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, ngenxa yamadodana namadodakazi abo. Kepha uDavide wathola amandla kuSimakade uNkulunkulu wakhe.