AmaHubo 18:16 - IsiZulu 2020 USimakade welule isandla sakhe esezulwini, wangixhakathisa, wangidonsa, engikhipha ezikhukhuleni ezesabekayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Waselula isandla sakhe ephezulu, wangibamba; wangikhipha emanzini amaningi. Contemporary Zulu Bible 2024 Wathumela esezulwini, wangibamba, wangikhipha emanzini amaningi. |
Yelulela isandla sakho phezulu, ungikhulule, ungihlenge emanzini amaningi, nasesandleni sabafokazi
Wangikhulula kubantu abangivukelayo. Wangimisa ngaba yinhloko yezizwe, abantu engingabazi bangikhonza.
Makuthi bonke abethembekileyo bakhuleke kuwe ngesikhathi senhlupheko; impela isikhukhula esinamandla asiyukufinyelela kubo.
Uzothumela esezulwini, angisindise. Uyamsola ofuna ukungifihliza. Sela UNkulunkulu uzothumela umusa wakhe neqiniso lakhe.
Umntwana wakhula, wayesemyisa endodakazini kaFaro, waba yindodana yayo; yamqamba ngokuthi nguMose, ngokuba yathi: “Ngamkhipha emanzini.”
Ukhuza ulwandle, alomise, nemifula yonke ayishise, iBhashani neKharimeli kuyabuna, kuntshwame nezimbali eLebhanoni.
Yayisithi kimi: “Amazwi owabonileyo lapho bekuhleli khona isifebe, ngabantu, izixuku, izizwe nezilimi.