Inhliziyo yami yethabile, Nkulunkulu, ngizohlabelela, ngihube ngakho konke okwami.
AmaHubo 16:9 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke inhliziyo yami iyathokoza, nomphefumulo wami uyethaba, ngisho nomzimba wami uyohlala ulondekile. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngakho-ke inhliziyo yami iyajabula, nomphefumulo wami uyethaba, nenyama yami iyakuhlala ngokwethemba. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho inhliziyo yami iyajabula, nodumo lwami luyethaba; nenyama yami iyophumula ngethemba. |
Inhliziyo yami yethabile, Nkulunkulu, ngizohlabelela, ngihube ngakho konke okwami.
ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungaphezi. Simakade, Nkulunkulu wami, ngizokubonga kuze kube phakade.
Isikhohlakali siqunjwa phansi ukukhohlakala kwaso, kodwa olungileyo unenqaba ngisho ekufeni kwakhe.
Abafileyo bakho bayophila, izidumbu zabo zivuke. Vukani, nihlokome ngenjabulo nina enihlala othulini, ngokuba amazolo akho ayoba njengokukhanya kwasekuseni, nomhlaba uyokhipha abafileyo.
“Kepha hamba wena kuze kube sekupheleni; sewuphumulile, uyakuma esabelweni sakho ekupheleni kwezinsuku.”
Ngalokho, inhliziyo yami iyajabula, nolimi lwami luyethaba; ngisho nenyama yami iyakuhlala ngokwethemba.