UNkulunkulu wathi: “Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, ozokwehlukanisa amanzi kwamanye.”
AmaHubo 148:5 - IsiZulu 2020 Konke makudumise igama likaSimakade, ngokuba nguYena owayaleza, kwadaleka. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Makuthathe kudumise igama likaJehova, ngokuba wayaleza, kwadaleka. Contemporary Zulu Bible 2024 Mazidumise igama likaJehova, ngokuba wayala, zadalwa. |
UNkulunkulu wathi: “Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, ozokwehlukanisa amanzi kwamanye.”
Bongani uSimakade nina zingelosi zakhe, nina maqhawe anamandla enigcina izwi lakhe nilalele okushiwo yilo.
owakhe isigodlo sakhe esinamakamelo aphezulu ezulwini, ukwendlaleka kwaso kusekelwe emhlabeni, obiza amanzi olwandle, awathululele phezu komhlaba, nguSimakade igama lakhe.
“Ufanele Wena Nkosi noNkulunkulu wethu ukwemukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba wadala izinto zonke, futhi zonke zikhona, zadalwa, ngokuthanda kwakho.”