Kuyothi lapho ngiwusibekela umhlaba ngamafu, kuvele uthingo lwenkosazana emafini,
AmaHubo 147:8 - IsiZulu 2020 osibekela izulu ngamafu, olungisela umhlaba imvula, ohlumisa utshani ezintabeni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE osibekela izulu ngamafu, olungisela umhlaba imvula, ohlumisa utshani ezintabeni. Contemporary Zulu Bible 2024 Osibekela izulu ngamafu, olungisela umhlaba imvula, ohlumisa utshani ezintabeni. |
Kuyothi lapho ngiwusibekela umhlaba ngamafu, kuvele uthingo lwenkosazana emafini,
Ngizosenza sibe yincithakalo; asiyukuthenwa, asiyukulinywa, kodwa kuyakumila amakhakhasi nameva; ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”
Ngabe kukhona yini phakathi konkulunkulu babezizwe abayize onganisa imvula na? Amazulu angaziletha yini izihlambi na? Akunguwe yini Simakade esiyakukulindela ngesineke na? Ngokuba nguwe owenze konke lokhu.
Jabulani, bantu baseZiyoni, nithokoze kuSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba unipha imvula yokuqala ngokulunga, uninisele imvula yokuqala neyakamuva ngenyanga yokuqala.
ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini. Ngokuba Yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula yakhe phezu kwabalungileyo nabangalungile.
Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle; waninika imvula yasezulwini ngezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokunjalo.”