AmaHubo 147:6 - IsiZulu 2020 USimakade uyabaphakamisa abathobekileyo, izikhohlakali uziqumba phansi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova uyaphakamisa abathobekileyo; ababi uyabawisa phansi emhlabathini. Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova uyaphakamisa abathobekileyo, ababi uyabaphonsa phansi. |
ngokuba uSimakade uyathokoza ngabantu bakhe abathobekileyo, ubahlobisa ngensindiso.
Abathobekileyo ubaholela kokulungileyo, abathobekileyo ubafundisa indlela yakhe.
Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Amen, Amen.
Wena Nkulunkulu uzobaphonsa emgodini ojulileyo abantu abomele igazi nabakhohlisayo; izinsuku zabo zokuphila aziyukuba ngisho nayingxenye yazo, kodwa mina ngizokwethemba Wena.
Funani uSimakade nina nonke enithobekileyo bomhlaba, nina enenze izehlulelo zakhe, funani ukulunga, nifune ukuthobeka, mhlawumbe niyakukhoseliswa ngosuku lolaka lukaSimakade.
Niyakugxoba abangalungile, ngokuba bayakuba wuthuli phansi kwezinyawo zenu ngosuku engiyakukwenza ngalo,” kusho uSimakade Wamabandla.
kepha makube ngumuntu osekusithekeni enhliziyweni, ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.
Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo,
Uyamvusa ompofu othulini, uyayiphakamisa impabanga ezaleni, abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi, ngokuba izisekelo zomhlaba zingezikaSimakade; ubekile izwe phezu kwazo.