Wendlala iqhwa njengoboya, asakaze isithwathwa njengomlotha.
Uyanika iqhwa njengoboya; uhlakaza isithwathwa njengomlotha.
Unika iqhwa njengoboya, ahlakaze isithwathwa njengomlotha.
Ngokuba uthi eqhweni: ‘Khithikela emhlabeni;’ kanjalo nasesihlambini semvula, yebo, ezihlambini zezimvula zakhe ezinamandla.
“Wake wangena yini ezinqolobaneni zeqhwa, wabona izinqwaba zesichotho
Iqhwa liphuma esiswini sikabani, nesithwathwa sizalwa ngubani na?
nawe mlilo nesichotho, liqhwa nenkwezane, nawe siphepho esenza okwezwi lakhe,
Imvula neqhwa kwehla kuvela ezulwini, akubuyeli khona, kunalokho kumatisa umhlaba, kuwenze uhlume, uthele, unike ohlwanyelayo inhlwanyelo, nodlayo ukudla.