ngokuba uSimakade uyathokoza ngabantu bakhe abathobekileyo, ubahlobisa ngensindiso.
AmaHubo 147:11 - IsiZulu 2020 USimakade ujatshuliswa ngabamesabayo, labo abathembela emuseni wakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova uyathokoza ngabamesabayo, abathemba umusa wakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova uyathokoza kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe. |
ngokuba uSimakade uyathokoza ngabantu bakhe abathobekileyo, ubahlobisa ngensindiso.
Impela iso likaSimakade liphezu kwalabo abamesabayo, kulabo abethembela emseni wakhe,
Mabethabe, bajabule abathokoza ngokulunga kwami; mabathi njalo njalo: “Makadunyiswe uSimakade othokoza ngenhlalakahle yenceku yakhe.”
Abanezinhliziyo eziphambeneyo bayisinengiso kuSimakade, kodwa abahamba ngezindlela ezimsulwa bayintokozo kuye.
Ubuhle buyinkohliso, nokubukeka kuyize, kepha owesifazane owesaba uSimakade uyakudunyiswa.
Akusayukuthiwa ngawe uNgoshiyiweyo, nezwe lakini alisayukuthiwa yiNcithakalo; kodwa uyobizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye, nezwe lakini ngokuthi Oganileyo; ngokuba uSimakade uyathokoza ngawe, nezwe lakini lendile.
USimakade uNkulunkulu wakho unawe, iqhawe eliyakukunqobisa. Uyakukujabulela kakhulu wena, athule othandweni lwakhe, akuthokozele ngokuhlokoma kwentokozo.”
Uma uSimakade esithanda, uyakusingenisa kuleli lizwe, futhi uyakusinika lona; liyizwe elichichima ubisi noju.
Ngakho-ke hluzani izingqondo zenu, nime ngomumo, nizithibe, niwethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa mhla kwembulwa uJesu Khristu.
Uma nimbiza ngokuthi uBaba Yena owehlulela lowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi, ngakho-ke hambani ngokwesaba ngesikhathi nisaphila.
kepha makube ngumuntu osekusithekeni enhliziyweni, ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.