Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 143:2 - IsiZulu 2020

Ungayethwesi cala inceku yakho, ngokuba akukho namunye ophilayo olungile phambi kwakho.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho, ngokuba akukho muntu okhona olungile emehlweni akho.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho, ngokuba phambi kwakho akukho muntu ophilayo oyakulungisiswa.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 143:2
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Uma bona kuwe ngokuba akukho muntu ongoniyo, bese ubathukuthelela, ubanikele esitheni, bathunjwe, bayiswe ezweni lesitha esibathumbileyo, elikude noma eliseduze,


Ngabe ugxilisa amehlo akho konje, ungiyisa ekwehlulelweni kanye nawe na?


Uyini umuntu ukuba angaba ngohlanzekileyo, nozelwe ngowesifazane ukuba abe ngolungileyo na?


Pho umuntu angaba kanjani ngolungileyo kuNkulunkulu, nozelwe ngowesifazane, abe ngohlanzekileyo na?


‘Umuntu angalunga yini kunoNkulunkulu na? Umuntu uhlambulukile yini kunoMenzi wakhe na?


Uma Wena Simakade ungaqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?


ogcina umusa kubo abayizinkulungwane, athethelele ububi neziphambeko nezono, nokho ongayukumyeka engamjezisanga onecala, ohambela ububi babazali kubantwana, nakubantwana babantwana, kuze kube yisizukulwane sesithathu nesesine.”


Impela emhlabeni akekho umuntu owenza okulungile kodwa, ongoni ngalutho.


Ngokuba akukho muntu oyakulungisiswa ngemisebenzi yomthetho phambi kwakhe; ngenxa yomthetho, kwaba khona ukwazi isono.


sazi ukuthi umuntu akalungisiswa ngemisebenzi yomthetho, kodwa ngokukholwa kuphela kuJesu Khristu, nathi sikholwa kuJesu Khristu ukuba silungisiswe ngokukholwa kuKhristu, hhayi ngemisebenzi yomthetho, ngokuba ngemisebenzi yomthetho, akukho muntu oyakulungisiswa.


Uma sithi asonanga, simenza umqambimanga uNkulunkulu, futhi nezwi lakhe alikho kithi.