Impela ngiyinceku yakho Simakade, ngiyinceku yakho, indodana yencekukazi yakho, uzikhumulile izintambo zami.
AmaHubo 143:12 - IsiZulu 2020 Ngomusa wakho uzishabalalise izitha zami, ubabhubhise bonke abahlupha umphefumulo wami, ngokuba ngiyinceku yakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Zinqume izitha zami ngomusa wakho, ubabhubhise bonke abahlupha umphefumulo wami, ngokuba ngiyinceku yakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi ngomusa wakho kumelwe uqothule izitha zami futhi ubhubhise bonke abacindezela umphefumulo wami, ngoba ngiyinceku yakho. |
Impela ngiyinceku yakho Simakade, ngiyinceku yakho, indodana yencekukazi yakho, uzikhumulile izintambo zami.
Kepha uNkulunkulu uzokuqumba phansi kuze kube phakade; uzokubamba, akukhiphe ethendeni lakho, akusiphule nasezweni labaphilayo. Sela
Igama lakho lingikhulule kuzo zonke izinkathazo, iso lami lizibonile izitha zami zinqotshwa.
Wena Nkulunkulu uzobaphonsa emgodini ojulileyo abantu abomele igazi nabakhohlisayo; izinsuku zabo zokuphila aziyukuba ngisho nayingxenye yazo, kodwa mina ngizokwethemba Wena.
Noma kusukuma umuntu ukuba akuxoshe efuna impilo yakho, umphefumulo wenkosi yami uyobe uboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuSimakade uNkulunkulu wakho. Imiphefumulo yezitha zakho uyakuyijikijela kungathi iphakathi kwendwayimana.
UDavide wathi: “Ngifunga ngiyagomela, uSimakade uyakumshaya, noma afikelwe wusuku lokufa, ehlele empini, abhubhe.