AmaHubo 142:5 - IsiZulu 2020 Ngikhala kuwe Simakade, ngithi: “Wena uyisiphephelo sami nesabelo sami ezweni labaphilayo.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngikhala kuwe Jehova, ngithi: “Wena uyisiphephelo sami nesabelo sami ezweni labaphilayo.” Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakhala kuwe, Nkosi, ngathi: Wena uyisiphephelo sami lesabelo sami elizweni labaphilayo. |
UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.
Ngokuba umphefumulo wami uwukhulule ekufeni, nezinyawo zami, ekukhubekeni, ukuze ngihambe phambi kukaNkulunkulu, ekukhanyeni kwabaphilayo.
Umzimba wami nenhliziyo yami kuyaphela, nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.
uyothi kuSimakade: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami, unguNkulunkulu wami engethembele kuye.”
Ngabuye ngabona konke ukucindezela okwakwenziwa phansi komthunzi welanga. Bheka, izinyembezi zabacindezelwe bengenabani wokubaduduza! Uhlangothi lwabacindezeli lwalunamandla, kanti nalo lungenabani wokulududuza.
Isikhathi siyeza, yebo, sesifikile, sokuba nihlakazeke, yilowo nalowo aye kokwakhe, ningishiye ngedwa, nokho angingedwa, ngokuba uBaba unami.
Kepha iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, kuthi bonke abezizwe bayizwe, futhi ngakhululwa emlonyeni wengonyama.