Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 142:4 - IsiZulu 2020

Bheka ngakwesokunene sami, uyabona, akukho namunye onginakekelayo, angisenasiphephelo, akekho osawukhathalela umphefumulo wami.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Bheka ngakwesokunene sami, ubone ukuthi akakho onginakekelayo; isiphephelo singiphuthele, akakho okhathalela umphefumulo wami.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngabheka ngakwesokunene sami, ngabona, kepha kwakungekho muntu ongangazi; akakho onakekela umphefumulo wami.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 142:4
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha amehlo ezikhohlakali ayakufiphala; ayiyukuba bikho nendawo yokuphephela; ithemba lazo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.”


Ngokuba uSimakade uyayazi indlela yabalungileyo, kepha indlela yababi iyakubhujiswa.


Ngathi kuSimakade: “Wena, unguNkulunkulu wami.” Simakade, yizwa izwi lokunxusa kwami.


Ngihlenge ogibeni abangicuphe ngalo, nasezihibeni zabenza okubi.


Umoya wami udikibele, inhliziyo yami idangele.


Ngiyisigcono sazo zonke izitha zami, ingasaphathwa-ke eyomakhelwane bami. Sengiyinto esabisayo kubangani bami. Engihlangana nabo emgwaqweni bayangibalekela.


Ukwethukwa kuyephulile inhliziyo yami, ngagula kakhulu, ngafisa ukuzwelwa, kodwa angitholanga baduduzi.


Ubaxoshele kude isihlobo nomngani, ubumnyama yibona obungumhlobo wami.


Ubaxoshele kude ebengikade ngazana nabo, ungenze ngaba yisinengiso kubo; ngivalelwe, angikwazi ukuphuma.


Makuzwakale ukukhala ezindlini zabo, lapho uthumela kubo abaphangi ngokuzumayo, ngokuba bambile umgodi wokungibamba, bafihlela izinyawo zami izingibe.


Iyakushabalala indawo yokucasha kubelusi, izikhulu zomhlambi aziyukuphunyula.


Ngokuba ngiyakukuphilisa, ngelaphe izilonda zakho,’ kusho uSimakade, ‘ngokuba bakubize ngoxoshiweyo, neZiyoni akukho muntu olifunayo.’


Labo abakhonza izithombe eziyize, bamfulathele uNkulunkulu othembekileyo.


Kepha konke lokho kwenzekile ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaphrofethi.” Khona bonke abafundi bamshiya babaleka.


Ekuziphenduleleni kwami kokuqala, kwakungekho noyedwa owayengakimi, kodwa bonke bangihlamuka; sengathi lokho kungebalelwe kubo.


UDavide wathi enhliziyweni yakhe: “Ngelinye ilanga uSawule uzongibulala. Akukho engingakwenza, kungcono ngibaleke, ngiye ezweni lamaFilisti. USawule uzoyeka ukungifuna esifundeni sonke sakwa-Israyeli, bese ngiphunyuka kanjalo esandleni sakhe.”