Ngikhala kuwe, Simakade; Dwala lami, ungazenzi isithulu kimi, funa uma uthalalisa, ngifane nalabo abehlela egodini.
AmaHubo 142:2 - IsiZulu 2020 Isikhalo sami ngisithulula phambi kwakhe, ngimtshela ngenhlupheko yami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyathulula ebusweni bakhe isikhalo sami, ngibonakalisa kuye inhlupheko yami. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngathulula isikhalo sami phambi kwakhe; Ngakhombisa umzamo wami phambi kwakhe. |
Ngikhala kuwe, Simakade; Dwala lami, ungazenzi isithulu kimi, funa uma uthalalisa, ngifane nalabo abehlela egodini.
Ngiyakukhumbula lokhu, ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami, njengalokhu ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulu ngenhlokomo yokwethaba nokubonga, ibandla ligubha umkhosi.
Bantu, yethembelani kuye ngezikhathi zonke, inhliziyo yenu niyithululele phambi kwakhe, uNkulunkulu uyisiphephelo sethu.
Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu, ngokuba asikwazi esifanele ukukucela, kodwa uMoya uqobo uyasinxusela ngokububula okungakhulumeki ngamazwi.
Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.