AmaHubo 141:3 - IsiZulu 2020 Simakade, bekela umlomo wami umlindi, ugcine umnyango wezindebe zami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Jehova, bekela umlomo wami umlindi, ugcine umnyango wezindebe zami. Contemporary Zulu Bible 2024 Jehova, beka umlindi phambi komlomo wami; vala umnyango emlonyeni wami. |
Ngithe: “Ngizoqaphela izindlela zami, ukuze ngingoni ngolimi lwami; umlomo wami ngizowufaka isimfonyo, inkani nje uma kunababi phambi kwami.”
Bengizithulele, ngingasho lutho, ukuthula akungisizanga, inhlupheko yaya ngokuya ikhula.
Ningathembeli kumakhelwane, ningakholwa ngumngani. Qaphela okukhuluma ngomlomo wakho kulowo olala esifubeni sakho.
Uma umuntu ethi uyakholwa, kodwa engabophi ulimi lwakhe kube sengathi ngetomu, kodwa ezikhohlisa enhliziyweni yakhe, ukukholwa kwalowo kuyize.
Ngokuba sonke siyakhubeka ngezindlela eziningi. Uma umuntu engakhubeki ngezwi alikhulumayo, lowo ungophelele impela, umuntu okwazi ukubamba umzimba wakhe wonke ngokungathi ngetomu.