Wamisa amabutho akhe kulo lonke elakwa-Edomi; bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. USimakade wamhlenga uDavide noma kuphi lapho ayeya khona.
AmaHubo 140:7 - IsiZulu 2020 Simakade, Nkosi yami, mandla ensindiso yami, uvikela ikhanda lami ngosuku lwempi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Jehova Nkosi yami, mandla ensindiso yami, uvikela ikhanda lami ngosuku lokulwa. Contemporary Zulu Bible 2024 Jehova, mandla ensindiso yami, wasibekela ikhanda lami ngosuku lwempi. |
Wamisa amabutho akhe kulo lonke elakwa-Edomi; bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. USimakade wamhlenga uDavide noma kuphi lapho ayeya khona.
UDavide wamisa amabutho akhe e-Aramu eDamaseku. Ama-Aramu aphenduka izinceku zikaDavide, athela kuye intela. USimakade wamhlenga uDavide noma kuphi lapho ayeya khona.
Nguye opha amakhosi insindiso, osindisa inceku yakhe, uDavide, enkembeni yababi.
Wena unginike isihlangu sensindiso yakho, isandla sakho sokunene singiphasile, ubukhona bakho bungenze ngaba mkhulu.
USimakade ungukukhanya kwami nensindiso yami. Ngubani engingamesaba na? USimakade uyinqaba yokuphila kwami. Ngubani engingaba novalo ngaye na?
Izikhathi zami zisesandleni sakho, ngikhulule esandleni sezitha zami nakulabo abangizingelayo.
Mandla ami, ngizohubela Wena; ngokuba uNkulunkulu, uyinqaba yami, unguNkulunkulu wami onomusa.
NguYena kuphela oyidwala lami nensindiso yami; inqaba yami, angisoze nganyakaziswa.
Ukuhlengwa kwami nodumo lwami kukuNkulunkulu, idwala lami eliqinileyo, isiphephelo sami sikuNkulunkulu.
UNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakumethemba, angiyukwesaba, ngokuba uSimakade, Yena ungamandla ami nezikhwepha zami; uyinsindiso yami.”