Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 139:21 - IsiZulu 2020

Simakade, kanti angibazondi yini abakuzondayo na? Anginengwa yini ngabakuvukelayo na?

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Jehova, angibazondi abakuzondayo na? Anginengwa ngabakuvukelayo na?

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Anginabo yini abakuzondayo, Jehova? futhi angidabukile yini ngabakuvukelayo?

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 139:21
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehu, indodana kaHanani, umboni, waphuma wayomhlangabeza, wafike wathi enkosini uJehoshafathi: “Kungani usiza ababi, uthanda abazonda uSimakade na? Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade izokwehlela phezu kwakho.


Kugobhoza imifula yamanzi emehlweni ami, ngokuba abawugcini umthetho wakho.


Uma ngibona amambuka, ngiyadikibala, ngokuba awaligcini izwi lakho.


obenyanyayo abanengekayo, kepha ebazisa abesaba uSimakade; owenza isifungo asigcine, noma isimo singamvumeli;


Ngiyawuzonda umgwamanda wabenza okubi, futhi ngeke ngihlale nezikhohlakali.


Ngiyabazonda labo abakhonza onkulunkulu abayize, kodwa mina ngethembele kuSimakade.


Kepha uma ningalaleli; umphefumulo wami uyakukhala ngasese, ngenxa yokuzigqaja kwenu; iso lami liyakukhala kalusizi, liphophoze izinyembezi; ngokuba umhlambi kaSimakade uthunjiwe.


UJesu waqalaza nxazonke ebabuka, ethukuthele, edabukile kakhulu ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo. Wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla sakho.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe.


Kwathi lapho esondela, ewubona umuzi, wawukhalela.


ngiyayazi imisebenzi yakho, ukusebenza kanzima, nokubekezela kwakho, nokuthi awubabekezeleli ababi, nokuthi wabavivinya labo ababezibiza ngabaphostoli bebe bengesibo, wabafumana beqamba amanga.


Kepha okuhle ngawe yilokhu ukuthi uyayizonda imisebenzi yamaNikholawu, engiyizondayo nami.