Sekuhwalala u-Isaka waphuma wazulazula ensimini yakhe ezindla. Kuthe lapho ephakamisa amehlo, wabona amakameli eza.
AmaHubo 139:17 - IsiZulu 2020 Imicabango yakho, Nkulunkulu, ingamagugu kimi; bukhulu kangaka ubuningi bayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Imicabango yakho, Nkulunkulu, ingamagugu kimi; bukhulu kangaka ubuningi bayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Iyigugu kangakanani kimi imicabango yakho, Nkulunkulu! inkulu kangakanani ingqikithi yakho! |
Sekuhwalala u-Isaka waphuma wazulazula ensimini yakhe ezindla. Kuthe lapho ephakamisa amehlo, wabona amakameli eza.
Yeka ubukhulu bomusa wakho, owulondele labo abakwesabayo, owenzele labo ababalekela kuwe phambi kwabantu.
Umusa wakho uligugu, Nkulunkulu! Bonke abantu baphephela phansi komthunzi wamaphiko akho.
Simakade Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, nezizindlo zakho ngathi; akukho okungafaniswa nawe, uma ngiyilanda, ngiyisho, miningi kunokuba ibalwe.
Awuwuthandi umhlatshelo nomnikelo wokudla. Izindlebe zami uzigeqile. Umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwubizi.
Simakade, yeka ubukhulu bemisebenzi yezandla zakho! Imicabango yakho ijule kakhulu.
Ngajabula kuyo yonke indawo emhlabeni wakhe, intokozo yami yayikanye nabantwana babantu.
Ngokuba Mina ngiyawazi amacebo enginawo ngani,” kusho uSimakade, “amacebo okuba nibe nenhlalakahle, hhayi awokunilimaza, awokuninika ikusasa nethemba.