Yena owangibumba esiswini, akusiye yini owabenza nabo na? Akamunye yini owasibumba esizalweni na?
AmaHubo 139:13 - IsiZulu 2020 NguWena owenza izinso zami, wangiphica ngisesesibelethweni sikamame. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba wena uzenzile izinso zami, wangaluka esiswini sikamame. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba uzithathile izinso zami, wangembesa esiswini sikamame. |
Yena owangibumba esiswini, akusiye yini owabenza nabo na? Akamunye yini owasibumba esizalweni na?
Ngenziwe yizandla zakho, zangibumba, ngiphe umqondo ukuze ngifunde imiyalo yakho.
Ngancika kuwe kwasekuzalweni kwami, nguwe owangikhipha esibelethweni sikamame. Ukudumisa kwami njalo kungawe.
Usho kanje uSimakade owakudalayo, wakubumba kwasesibelethweni, oyakukusiza, uthi: Ungesabi, Jakobe, nceku yami, wena Jeshuruni engikukhethileyo.
“Ngilalele, wena ndlu kaJakobe, yonke insali yabendlu ka-Israyeli engayimitha ngaze ngayizala, ngayithwala esibelethweni.
“Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi, ungakaphumi esibelethweni ngakungcwelisa, ngakuqoka ukuba ube ngumphrofethi ezizweni.”
Uma wonke umzimba ubuyiso, ukuzwa ngabe kukuphi na? Uma wawungukuzwa, ngabe ukunuka kukuphi na?