Ngokuba usuku lulunye emagcekeni akho, luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami, kunokuhlala emathendeni ezikhohlakali.
AmaHubo 137:5 - IsiZulu 2020 Uma ngikhohlwa wena Jerusalema, isandla sami sokunene masikhohlwe ubuciko baso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma ngikhohlwa wena Jerusalema, masizikhohlwe isandla sami sokunene. Contemporary Zulu Bible 2024 Uma ngikukhohlwa, Jerusalema, isandla sami sokunene masikhohlwe ubuqili bayo. |
Ngokuba usuku lulunye emagcekeni akho, luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami, kunokuhlala emathendeni ezikhohlakali.
Ngenxa yeZiyoni angiyukuthula, nangenxa yeJerusalema angiyukuphumula, kuze ukulunga kwalo kuphume njengokukhanya, nokusindiswa kwalo njengesibani esivuthayo.
Nina eniphunyuke enkembeni, hambani, ningami; khumbulani uSimakade nikwelikude izwe, nicabange ngeJerusalema.
“Maye, kumelusi ongenamsebenzi, oshiya umhlambi wezimvu! Inkemba iyakumlimaza ingalo neso lakhe langakwesokunene. Ingalo yakhe iyakushwabana, neso lakhe lingaboni lutho!”