owabapha izwe labo laba yifa, ngokuba umusa wakhe umi phakade,
owanika izwe labo laba yifa, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
Wanikela izwe labo libe yifa, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
Wabapha amazwe abezizwe, badla umcebo wabezizwe,
Wathatha izwe labo laba yifa, laba yifa lika-Israyeli, isizwe sakhe.
Waxosha abezizwe phambi kwabo. Wadabula izwe, wababela lona, laba yifa labo, izizwe zakwa-Israyeli wazihlalisa emathendeni azo.
“Kepha wena Israyeli, nceku yami, wena Jakobe engikukhethileyo, wozalo luka-Abhrahama umngani wami,
“Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi: ‘USimakade uNkulunkulu wenu uninikile leli lizwe ukuba nilidle; niyakuwelisa phambi kwabafowenu bakwa-Israyeli wonke amadoda anesibindi ehlomile.