Emini wawubahola ngensika yefu, ebusuku ngensika yomlilo eyayibakhanyisela endleleni ababehamba kuyo.”
AmaHubo 136:16 - IsiZulu 2020 owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade; IBHAYIBHELI ELINGCWELE owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade; Contemporary Zulu Bible 2024 Kuyena owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade. |
Emini wawubahola ngensika yefu, ebusuku ngensika yomlilo eyayibakhanyisela endleleni ababehamba kuyo.”
“Nokho awubalahlanga ehlane, ngenxa yobubele bakho obukhulu. Emini insika yefu ayiyekanga ukubahola endleleni yabo, nasebusuku insika yomlilo yaqhubeka yabakhanyisela endleleni yabo.
UNkulunkulu wenza ukuba abantu bahambe ngendlela ethathelayo yasehlane ebheke oLwandle Lomhlanga. Abantu bakwa-Israyeli baphuma eGibhithe bezilungiselele impi.
UMose wabahola abantu bakwa-Israyeli besuka oLwandle Lomhlanga, baze bafika ehlane iShuri, bahamba izinsuku ezintathu ehlane, kodwa abatholanga manzi.
Abayukulamba, abayukoma, abayukushaywa yisifudumezi selanga, ngokuba Yena onozwelo kubo uyakubahola abayise emithonjeni yamanzi.
wakuhola ehlane elikhulu nelesabekayo elinezinyoka ezinesihlungu nofezela nomhlabathi owomileyo, lapho kwakungekho manzi khona; wakuvezela amanzi edwaleni lensengetsha.
Uyoyikhumbula yonke indlela uSimakade uNkulunkulu wakho akuhola ngayo le minyaka engama-40 ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, ukuze azi okusenhliziyweni yakho, ukuthi uyoyigcina yini imiyalo yakhe noma qha.