Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 136:16 - IsiZulu 2020

owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kuyena owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 136:16
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Emini wawubahola ngensika yefu, ebusuku ngensika yomlilo eyayibakhanyisela endleleni ababehamba kuyo.”


“Nokho awubalahlanga ehlane, ngenxa yobubele bakho obukhulu. Emini insika yefu ayiyekanga ukubahola endleleni yabo, nasebusuku insika yomlilo yaqhubeka yabakhanyisela endleleni yabo.


Abantu bakho wabahola njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.


UNkulunkulu wenza ukuba abantu bahambe ngendlela ethathelayo yasehlane ebheke oLwandle Lomhlanga. Abantu bakwa-Israyeli baphuma eGibhithe bezilungiselele impi.


UMose wabahola abantu bakwa-Israyeli besuka oLwandle Lomhlanga, baze bafika ehlane iShuri, bahamba izinsuku ezintathu ehlane, kodwa abatholanga manzi.


Abayukulamba, abayukoma, abayukushaywa yisifudumezi selanga, ngokuba Yena onozwelo kubo uyakubahola abayise emithonjeni yamanzi.


Lokho akwenza kini ehlane naze nafika kule ndawo,


wakuhola ehlane elikhulu nelesabekayo elinezinyoka ezinesihlungu nofezela nomhlabathi owomileyo, lapho kwakungekho manzi khona; wakuvezela amanzi edwaleni lensengetsha.


Uyoyikhumbula yonke indlela uSimakade uNkulunkulu wakho akuhola ngayo le minyaka engama-40 ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, ukuze azi okusenhliziyweni yakho, ukuthi uyoyigcina yini imiyalo yakhe noma qha.