Wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu phambi kukaFaro nezinceku zakhe, nabo bonke abantu baseGibhithe, ngoba wawazi ukuthi babaphathe ngonya olunjani abantu bakho. Wazakhela igama elisamile kuze kube namuhla.
AmaHubo 135:9 - IsiZulu 2020 Wathumela izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibhithe, phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wathuma izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibithe, phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke. Contemporary Zulu Bible 2024 owathuma izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibhithe, kuFaro nezinceku zakhe zonke. |
Wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu phambi kukaFaro nezinceku zakhe, nabo bonke abantu baseGibhithe, ngoba wawazi ukuthi babaphathe ngonya olunjani abantu bakho. Wazakhela igama elisamile kuze kube namuhla.
owachitha uFaro nempi yakhe oLwandle Lomhlanga, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
Nguye lo owabakhipha eGibhithe enzile izimangaliso nezibonakaliso, nasoLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engama-40.
Ukhona yini unkulunkulu owake walinga ukuza azithathele isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngempi, ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uSimakade uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibhithe, nizibonela ngawenu, na?
USimakade wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu nezesabekayo phezu kweGibhithe, naphezu kukaFaro nendlu yakhe yonke phambi kwamehlo ethu,