AmaHubo 135:1 - IsiZulu 2020 Haleluya! Dumisani igama likaSimakade; mdumiseni nina zinceku zikaSimakade, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Haleluya! Dumisani igama likaJehova; mdumiseni nina zinceku zikaJehova Contemporary Zulu Bible 2024 Dumisani uJehova. Dumisani iGama leNKOSI; mdumiseni nina zinceku zikaJehova. |
AbaLevi: uJeshuwa, uKadimiyeli, uBhani, uHashabhineya, uSherebhiya, uHodiya, uShebhaniya noPhethahiya, bama kwenye indawo ephakeme, bamemeza bathi: “Sukumani nidumise uSimakade uNkulunkulu wenu, kusukela phakade, kuze kube phakade.” “Malibongwe iGama lakho elidumisekayo neliphakeme phezu kwakho konke ukubonga nokudumisa.”
Makadunyiswe uSimakade! Ngiyakumbonga uSimakade ngenhliziyo yami yonke enhlanganweni nasebandleni labaqotho.
Haleluya! Ubusisiswe umuntu owesaba uSimakade, othokoza kakhulu ngemiyalelo yakhe.
Bhekani, bongani uSimakade nina nonke zinceku zakhe, enimi endlini kaSimakade ebusuku.
Manidumise igama likaSimakade, ngokuba ngelakhe lodwa igama eliphakemeyo, inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.
Ngizokumnika uSimakade izibongo ezifanele ukulunga kwakhe, ngilihubele indumiso igama likaSimakade Ophezukonke.