Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 132:12 - IsiZulu 2020

Uma abantwana bakho besigcina isivumelwano sami nobufakazi bami engiyobafundisa bona, impela abantwana babo bayohlala esihlalweni sakho kuze kube phakade.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Uma abantwana bakho begcina isivumelwano sami nobufakazi bami engiyakubafundisa bona, khona abantwana babo bayakuhlala esihlalweni sakho kuze kube phakade.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Uma abantwana bakho begcina isivumelwano sami nobufakazi bami engizobafundisa bona, nabantwana babo bayakuhlala esihlalweni sakho sobukhosi kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 132:12
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngalokho uSimakade uyakuqinisa izwi lakhe alikhuluma maqondana nami, lapho ethi: ‘Uma abozalo lwakho beyoqaphela indlela yabo, bahambe ngobuqotho phambi kwami ngenhliziyo yabo yonke nangawo wonke umphefumulo wabo, akuyukusweleka muntu kubo oyohlala esihlalweni sobukhosi sika-Israyeli.’


“Ngakho-ke Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, kufeze encekwini yakho uDavide, ubaba, lokho owakusho kuyo wathi: ‘Akunakwenzeka ukuba kungabi bikho muntu phambi kwami ovela kuwe oyakuhlala esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli, kuphela nje uma abozalo lwakho beyoqaphela indlela yabo ukuba bahambe phambi kwami, njengalokhu wena wenzile phambi kwami.’


ngiyakusimisa isihlalo sobukhosi sombuso wakho njengoba ngenza kuDavide, uyihlo, ngathi: ‘Akuseyukwesweleka umuntu ovela kuwe ukuba abe ngumbusi kwa-Israyeli.’


Abantwana bezinceku zakho bayakuhlala, izizukulwane zabo ziyovikeleka phambi kwakho.”


USimakade makanandise, nina nabantwana benu.


“Mina-ke, lesi yisivumelwano sami nabo,” kusho uSimakade, “sokuthi uMoya wami ophezu kwakho namazwi ami engiwabeke emlonyeni wakho akuyukusuka emlonyeni wakho, nasemlonyeni wabantwana bakho, nasemlonyeni wezizukulwane zakho,” kusho uSimakade, “kusukela manje kuze kube phakade.”


Umbuso wakhe uyokwanda njalo, ukuthula kungaze kwaphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze usekelwe, umiswe ngobulungiswa nangobuqotho, kusukela manje kuze kube phakade. Intshisekelo kaSimakade Wamabandla iyokwenza lokho.


“Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: ‘UDavide akayukumswela umuntu oyohlala esihlalweni sobukhosi sendlu ka-Israyeli.


Ngakho-ke lokhu engumphrofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wafunga kuye ngesifungo ukuthi olibeni lokhalo lwakhe uyakubeka omunye esihlalweni sakhe sobukhosi.