UNkulunkulu wamkhumbula uNowa nazo zonke izilwane ezazinaye emkhunjini, ezifuywayo nezasendle. Wayesethumela umoya wavunguza phezu komhlaba, amanzi aya ngokuya ebohla.
AmaHubo 132:1 - IsiZulu 2020 Khumbula Simakade, ngenxa kaDavide, zonke izinhlupheko zakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Jehova, mkhumbulele uDavide zonke izinhlupheko zakhe Contemporary Zulu Bible 2024 Ingoma yeziqu. Jehova, khumbula uDavide nazo zonke izinhlupheko zakhe. |
UNkulunkulu wamkhumbula uNowa nazo zonke izilwane ezazinaye emkhunjini, ezifuywayo nezasendle. Wayesethumela umoya wavunguza phezu komhlaba, amanzi aya ngokuya ebohla.
Abamethembayo uSimakade bafana nentaba iZiyoni engenakunyakaziswa, kepha emi phakade.
Uma uSimakade engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uSimakade engawuvikeli umuzi, umlindi wawo uwuqaphelele ize.
Simakade, inhliziyo yami ayizigabisi, namehlo ami awaziphakamisi, angingeni ezindabeni ezinkulu nasezintweni ezingehlulayo.
UNkulunkulu wakuzwa ukububula kwabo, wayesesikhumbula isivumelwano ayesenze no-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe.
Uma ngikhumbula ukuhlupheka kwami nokuba ngumhambuma, kufana nenhlaba nenyongo.