AmaHubo 130:1 - IsiZulu 2020 Ngikhala kuwe Simakade ngiphansi otweni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngikhala kuwe Jehova ngisotweni phansi. Contemporary Zulu Bible 2024 (Ihubo.) Ekujuleni ngakhala kuwe, Jehova. |
Abamethembayo uSimakade bafana nentaba iZiyoni engenakunyakaziswa, kepha emi phakade.
Uma uSimakade engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uSimakade engawuvikeli umuzi, umlindi wawo uwuqaphelele ize.
USimakade welule isandla sakhe esezulwini, wangixhakathisa, wangidonsa, engikhipha ezikhukhuleni ezesabekayo.
Wangikhipha emgodini wokubhujiswa, odakeni olubishayo, izinyawo zami wazibeka edwaleni, wavikela izinyathelo zami.
Lapho kuhlokoma izimpophoma zakho, utwa luyenanelana, wonke amadlambi namaza akho, kudlange kwangaphezu kwami.
Wena owasikhombisa izinhlupheko ezimbi eziningi, uyobuye usiphilise, usikhuphule ezinzulwini zomhlaba.
Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.