Kwathi lapho zonke izitha zethu zizwa ngalokho, nazo zonke izizwe esasakhelene nazo, zesaba kakhulu, zadikibala, ngokuba zabona ukuthi lowo msebenzi waphumelela ngosizo lukaNkulunkulu wethu.
AmaHubo 129:5 - IsiZulu 2020 Mabajabhiswe, babuyiselwe emuva bonke abazonda iZiyoni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mabajabhiswe, babuyiselwe emuva bonke abazonda iSiyoni. Contemporary Zulu Bible 2024 Mabajabhe bonke abalizondayo iZiyoni, babuye. |
Kwathi lapho zonke izitha zethu zizwa ngalokho, nazo zonke izizwe esasakhelene nazo, zesaba kakhulu, zadikibala, ngokuba zabona ukuthi lowo msebenzi waphumelela ngosizo lukaNkulunkulu wethu.
Waxoxela umkakhe nabo bonke abangani bakhe ngento eyayimehlele. Labo bangani bakhe abahlakaniphile nomkakhe, bathi kuye: “Njengoba uMoridekhayi engumJuda, ukuwa kwakho sekuqalile. Ngeke ukwazi ukumelana naye ubuso nobuso, impela uzokuqumba phansi.”
AbaJuda benza ababefisa ukukwenza ezitheni zabo. Bazihlasela ngenkemba, babulala noma ngubani ababefuna ukumbulala, bonke ababeyizitha zabo.
Abamelene nami befuna umphefumulo wami mabajabhe, baphele. Labo abafuna ukungilimaza, mabathelwe ngehlazo, bahlazeke.
Kuyothi lapho iNkosi isiwuqedile wonke umsebenzi wayo entabeni iZiyoni naseJerusalema, ijezise inkosi yase-Asiriya ngenxa yokukhuluma kwayo ngokuziqhayisa, nangokuziphakamisa kwayo.
Kuyofana nalapho umuntu olambile ephupha edla, kodwa avuke esalokhu elambile, noma owomileyo ephupha ephuza, kepha avuke eyethile wukoma. Siyoba njalo-ke isixuku sezizwe zonke ezilwa nentaba iZiyoni.
nanti izwi uSimakade alikhulumile maqondana naye, uthi: “Uyakwedelela, uyakungcofa, ntombi, ndodakazi yaseZiyoni; ukunikinela ikhanda, ndodakazi yaseJerusalema.
“Ngiyakuwuvikela lo muzi ngiwusindise ngenxa yami nangenxa kaDavide inceku yami.”
Manje izizwe eziningi zihlangene ngawe, zithi: “Malingcoliswe, amehlo ethu mawaligqolozele iZiyoni.”
Kuyakuthi ngalolo lusuku iJerusalema ngilenze libe yitshe elisindayo kuzo zonke izizwe. Zonke ezizithwesa lona ziyakulimala kanzima. Izizwe zonke zomhlaba ziyakubuthana, zilihlanganyele.”
“Ngalolo lusuku ngiyakwenza ababusi bakwaJuda babe njengembawula evuthayo phakathi kwezinkuni, babe njengesihlonti esivuthayo phakathi kwezithungu zokusanhlamvu ezisikiwe. Bayakuqothula kwesokunene nakwesokhohlo zonke izizwe ezizungeze nxazonke. IJerusalema liyakuba sendaweni yalo futhi eJerusalema.