Uyenza ibe nkulu insindiso enkosini, wenza isihe kogcotshiweyo wakhe, kuDavide nabozalo lwakhe kuze kube phakade.
AmaHubo 126:3 - IsiZulu 2020 USimakade usenzele izinto ezinkulu, sajabula. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova usenzele izinto ezinkulu, sajabula. Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova usenzele izinto ezinkulu; esijabula ngakho. |
Uyenza ibe nkulu insindiso enkosini, wenza isihe kogcotshiweyo wakhe, kuDavide nabozalo lwakhe kuze kube phakade.
Yeka ubukhulu bomusa wakho, owulondele labo abakwesabayo, owenzele labo ababalekela kuwe phambi kwabantu.
INkosi yathi: “Ngizobabuyisa bevela eBhashani, ngibabuyise bevela ekujuleni kolwandle,
Kuyothiwa ngalolo lusuku: “Bheka, lo unguNkulunkulu wethu; simlindele, futhi uyakusisindisa, sisinde. Masijabule, sithokoze ngensindiso yakhe.”
Niyokukubona, izinhliziyo zenu zijabule, amathambo enu ahlume njengotshani, isandla sikaSimakade siyokwaziwa ukuthi sisezincekwini zakhe, azithukuthelele izitha zakhe.
Ngiyakuyidudulela kude nani impi yasenyakatho, ngiyixoshele ezweni eligagadekile neliyincithakalo, ubuso bayo bubheke ngasolwandle empumalanga, ingemuva layo lifulathele ngasolwandle entshonalanga, ukunuka kwayo kukhuphuke, kwenyuke nephunga layo elibi, ngokuba wenze izinto ezinkulu.
Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ezulwini lithi: “Manje isifikile insindiso, namandla, nobukhosi bukaNkulunkulu wethu, negunya likaKhristu wakhe, ngokuba usephonswe phansi ummangaleli wabazalwane bethu, obamangalela phambi kukaNkulunkulu imini nobusuku.