USimakade wakuphendula ukuhlupheka kukaJobe ngesikhathi ekhulekela abangani bakhe. Konke uJobe ayenakho uNkulunkulu wakwenezela ngokuphindwe kabili.
AmaHubo 126:1 - IsiZulu 2020 Ngesikhathi uSimakade ekhulula uZiyoni, sasifana nabaphuphayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lapho uJehova abuyisa ukuthunjwa kweSiyoni, sasinjengabaphuphayo. Contemporary Zulu Bible 2024 (Ihubo.) Lapho uJehova eguqula isabelo saseSiyoni, sasinjengabaphuphayo. |
USimakade wakuphendula ukuhlupheka kukaJobe ngesikhathi ekhulekela abangani bakhe. Konke uJobe ayenakho uNkulunkulu wakwenezela ngokuphindwe kabili.
Abamethembayo uSimakade bafana nentaba iZiyoni engenakunyakaziswa, kepha emi phakade.
Sengathi kungavela eZiyoni, lowo oyakusindisa u-Israyeli. Mhla uSimakade ephinda ebuyisa abantu bakhe ekuthunjweni, uJakobe makajabule, u-Israyeli athokoze.
Ukusindiswa kuka-Israyeli kuzovela eZiyoni, lapho uNkulunkulu ebusisa abantu bakhe; uJakobe ethabe, no-Israyeli athokoze.
Ngiyakufunyanwa yinina,” kusho uSimakade, “ngiyakukuqeda ukuthunjwa kwenu, nginiqoqe kuzo zonke izizwe nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona, nginibuyisele endaweni enganisusa kuyo nganiyisa ekuthunjweni,” kusho uSimakade.
bengiyakubalahla abozalo lukaJakobe nabolukaDavide, inceku yami, ngingathathi ozalweni lwakhe ababusi bozalo luka-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe. Ngiyakuguqula ukuthunjwa kwabo futhi ngibahawukele.’ ”
“Impela ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi, lapho sengiguqula ukuthunjwa kukaJuda neJerusalema,
Kepha babengakholwa ngenxa yentokozo nokumangala, wathi kubo: “Ninakho yini ukudla lapha na?”
Waphuma, wayilandela; wayengazi ukuthi lokhu okwenzekayo ngengelosi kuyiqiniso, kodwa wayecabanga ukuthi ubona umbono nje.
khona uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuguqula ukuthunjwa kwakho, akuhawukele, uyakubuya, akuqoqe ezizweni zonke, lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ayekuhlakazele khona.