Ukuba uSimakade ebengenathi, lapho sivukelwa ngabantu,
uma uJehova ebengenathi, lapho abantu besivukela,
Ukube bekungesiye uJehova ongakithi lapho abantu besivukela,
Ngokuba izinja zingihaqile, umgwamanda wabenzi bokubi ungizungezile. Izandla nezinyawo zami bazibhobozile.
Simakade, ziningi izitha zami. Baningi abangivukelayo.
Baningi abathi ngami: “Akukho ukukhululwa kwakhe kuNkulunkulu.” Sela
Omubi uqamekela olungileyo, ufuna ukumbulala.
KuNkulunkulu, engiyakulidumisa izwi lakhe, kuSimakade, engiyakulidumisa izwi lakhe.