Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 122:4 - IsiZulu 2020

lapho imindeni ikhuphukela khona, imindeni kaSimakade, ngokomthetho wakwa-Israyeli, ukuba idumise igama likaSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

lapho imindeni ikhuphukela khona, imindeni kaJehova, ngokomthetho ka-Israyeli ukuba idumise igama likaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Lapho zikhuphukela khona izizwe, izizwe zeNkosi, kube ngubufakazi bukaIsrayeli, ukudumisa ibizo leNkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 122:4
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngenani emasangweni akhe ngokubonga, nasemagcekeni akhe ngokudumisa, mbongeni, nidumise igama lakhe.


Ngivuleleni amasango okulunga, ngingene ngawo, ngimdumise uSimakade.


USimakade uqoke iZiyoni, ulithandile ukuba libe yindawo yakhe yokuhlala, wathi:


Kepha yaqoka isizwe sakwaJuda, intaba iZiyoni eyithandayo.


“Ngasusa ihlombe lakhe emthwalweni, nezandla zakhe zakhululeka eqomeni.


Njengalokhu uSimakade emyalile uMose, u-Aroni walibeka i-omeri lemana phambi kobufakazi, ukuze lilondolozeke kahle.


Kathathu ngonyaka bonke abesilisa bakho bayokuza phambi kweNkosi uSimakade.


UMose waphenduka, wehla entabeni ephethe ezandleni zakhe izibhebhe ezimbili zesivumelwano ezazibhalwe nxazombili, zibhalwe ngaphambili nangemuva.


Kuyokuthi indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale kuyo igama lakhe, nikuyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, imihlatshelo yenu, okweshumi kwenu, umnikelo wokuphakanyiswa womkhiqizo wenu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa uSimakade.


Kepha indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha, kuzo zonke izizwe zenu, ukuba abeke igama lakhe lihlale kuyo, leyo ndawo niyakuyifuna, niye kuyo,


“Bonke abesilisa okanye nabo bayakuvela kathathu ngonyaka phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, endaweni ayoyiqoka: ngoMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo, ngoMkhosi Wamasonto, nangoMkhosi Wamadokodo; abayukuza phambi kukaSimakade bengaphethe lutho olungumnikelo ezandleni.