Amadodana kaJafethi kwakunguGomeri, uMagogi, uMadayi, uJavani, uThubhali, uMeshekhe noThirasi.
AmaHubo 120:5 - IsiZulu 2020 Maye kimi! Ngokuba ngigogobele kwaMeshekhi, ngihleli phakathi kwamathende akwaKhedari. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Maye kimi! Ngokuba ngigogobele kwaMesheke, ngihlezi ematendeni akwaKedari. Contemporary Zulu Bible 2024 Maye kimina, ngokuba ngigogobele kwaMesheki, ngihlala ematendeni akwaKedari! |
Amadodana kaJafethi kwakunguGomeri, uMagogi, uMadayi, uJavani, uThubhali, uMeshekhe noThirasi.
Lawa ngamagama amadodana ka-Ishmayeli ngokwelamana kwawo: izibulo kwakunguNebhayothi, kulandele uKheda, u-Adibhiyeli, uMibhisamu,
Madodakazi aseJerusalema, ngimnyama kodwa ngimuhle. Nginjengamathende akwaKhedari, nanjengamakhethini kaSolomoni.
Maye, maye kimi lokhu ungizale ngaba ngumuntu wokuphikisana, nomuntu wokuxabanisa emhlabeni wonke! Angebolekanga lutho futhi angebolekwanga lutho; nokho bonke bayangiqalekisa.
Bahlala phakathi kwenkohliso; ngenkohliso bayenqaba ukungazi Mina,” kusho uSimakade.
“ ‘AbaseJavani, abaseThubhali nabaseMeshekhe babengabahwebi bakho, behwebelana nawe ngabantu nezitsha zethusi ukuba bathole impahla yakho.
“ ‘Abase-Arabhiya nazo zonke izikhulu zaseKedari babethenga kuwe; babehwebelana nawe ngamawundlu, ngezinqama nangezimbuzi.
“Wena ndodana yomuntu, phrofetha umelane noGogi, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngimelene nawe, Gogi, sikhulu sakwaRoshe, eMeshekhe naseThubhali.
ngiyazi lapho uhlala khona; lapho kukhona isihlalo sobukhosi sikaSathane. Kepha ubambelele egameni lami, awuluphikanga ukholo lwami nasemihleni ka-Antiphase, ufakazi wami owethembekileyo, owabulawa phakathi kwenu lapho kuhlala khona uSathane.
USamuweli wafa; u-Israyeli wonke wahlangana, wamlilela, wawusummbela ngasendlini yakhe eRama. UDavide wayesesuka, ehlela ehlane ePharanu.