Imicibisholo yakho icijile, ingena enhliziyweni yezitha zenkosi, izizwe ziwa phansi kwakho.
AmaHubo 120:4 - IsiZulu 2020 Imicibisholo ebukhali yeqhawe namalahle avuthayo omtholo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Imicibisholo ebukhali yeqhawe namalahle omlilo. Contemporary Zulu Bible 2024 Imicibisholo ebukhali yamaqhawe namalahle ojunipha. |
Imicibisholo yakho icijile, ingena enhliziyweni yezitha zenkosi, izizwe ziwa phansi kwakho.
Kepha uNkulunkulu uzokuqumba phansi kuze kube phakade; uzokubamba, akukhiphe ethendeni lakho, akusiphule nasezweni labaphilayo. Sela
Umphefumulo wami uphakathi kwamabhubesi, ngilele phakathi kwabakhafula umlilo, ngisho nabantwana babantu, abamazinyo ayimikhonto nemicibisholo, abalulimi luyinkemba ebukhali.
Bheka, bayakhafula ngemilomo yabo, amazwi abo ayizinkemba ezindebeni zabo, ngokuba bathi: “Ngubani ozwayo na?”
Umuntu owedelela umakhelwange wakhe akanakuhlakanipha, kodwa onengqondo uyazithulela.
Isikhohlakali sizuza ngokukhohlisa, kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo weqiniso.
Ukukhuluma komuntu ongenabunkulunkulu kuyambulala umakhelwane wakhe, kepha abalungileyo bakhululwa ngolwazi.
Izindebe ezikhuluma amanga ziyisinengiso kuSimakade, kodwa abenza iqiniso bayintokozo yakhe.
Isidwanyampuphu siphanda okubi, nokuphuma ezindebeni zaso kunjengomlilo weshisandlu.
Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ngiyakubancibilikisa, ngibavivinye, ngokuba ngizokwenza kanjani ngenxa yesono sabantu bami na?
“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”