Ukuba umthetho wakho ubungesiyo intokozo yami, ngabe ngibhubhele ekuhluphekeni kwami.
Uma umthetho wakho ubungesiyo intokozo yami, ngabe ngibhubhele ekuhluphekeni kwami.
Uma umthetho wakho ubungemnandi kimi, ngabe ngibhubhele osizini lwami.
Ukuhlupheka nosizi kungehlele; imiyalo yakho iyintokozo yami.
Ngizothokoza ngezimiso zakho; angiyukulikhohlwa izwi lakho.
Ubufakazi bakho buyintokozo yami, bungumeluleki wami.
Lokhu kuyinduduzo ekuhluphekeni kwami, ngokuba izwi lakho lingiphilisile.
Ububele bakho mabuze kimi, ukuze ngiphile, ngokuba umthetho wakho uyintokozo yami.
Ngiyethemba ukuthi ngizobubona ubuhle bukaSimakade, ezweni labaphilayo!
Nakuba yikuphi okwakulotshwe phambilini, kwalotshelwa ukuba kusifundise ukuthi ngokubekezela nangokugqugquzelwa yimibhalo, sibe nethemba.