Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 119:57 - IsiZulu 2020

USimakade uyisabelo sami; ngithi amazwi akho ngizowagcina.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UJehova uyisabelo sami; ngithi ngiyakugcina amazwi akho.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

CHETH. Wena uyisabelo sami, Jehova, ngishilo ukuthi ngiyakugcina amazwi akho.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 119:57
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngifungile, futhi ngakuqinisekisa ukuthi ngizozigcina izehlulelo zakho ezilungileyo.


Sukani kimi, nina enenza okubi, ngokuba mina ngizoyigcina imiyalo kaNkulunkulu wami.


Babusisiwe abagcina imiyalo yakhe, abamfuna ngenhlizyo epheleleyo,


Ngikhala kuwe Simakade, ngithi: “Wena uyisiphephelo sami nesabelo sami ezweni labaphilayo.”


Simakade, uyisabelo sami nendebe yami; uphethe ukuphila kwami.


lezo engazikhipha ngezindebe zomlomo, ngazisho ngomlomo wami ngisekuhluphekeni.


Umzimba wami nenhliziyo yami kuyaphela, nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.


Isabelo sikaJakobe asifani nalaba, ngokuba nguye okubumbileyo konke; u-Israyeli uyisizwe nefa lakhe; nguSimakade Wamabandla igama lakhe.


Ngathi: “USimakade uyisabelo sami, ngakho-ke ngizokwethembela kuye.”


Abayukuba nafa phakathi kwabafowabo; uSimakade uyifa lakhe, njengalokhu eshilo kuye.


Uma kukubi emehlweni enu ukukhonza uSimakade, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma ngonkulunkulu ababekhonzwa ngokhokho benu besengaphesheya komfula, noma ngonkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo, kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uSimakade.”


USimakade waxosha bonke abantu phambi kwethu, ama-Amori ayehlala ezweni; yingakho siyomkhonza uSimakade, ngokuba unguNkulunkulu wethu.”


Abantu bathi kuJoshuwa: “Qha, siyokumkhonza uSimakade.”