Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe; ngiyigcinile indlela yakhe, angiphambukanga.
AmaHubo 119:51 - IsiZulu 2020 Abazidlayo bangihleka usulu kakhulu, kepha emthethweni wakho angichezuki. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abazidlayo bangihleka usulu kakhulu, kepha emthethweni wakho angichezuki. Contemporary Zulu Bible 2024 Abazidlayo bangiklolodela kakhulu, kepha mina angichezuki emthethweni wakho. |
Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe; ngiyigcinile indlela yakhe, angiphambukanga.
Abangizingelayo nabayizitha zami baningi, kodwa angichezuki emiyalelweni yakho.
Abazikhukhumezayo bangiqambela amanga; ngizozigcina ngenhliziyo yami yonke iziyalezo zakho.
Izinhliziyo zethu azikufulathelanga, izinyathelo zethu aziphambukanga endleleni yakho,
wathi “Ngiyakuncenga Simakade ukuba ukhumbule ukuthi ngihambe phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenza okuhle emehlweni akho.” UHezekiya wayesekhala umunyu.
Akayukudangala, aphele amandla, aze amise ubulungiswa emhlabeni; neziqhingi ziyolindela ukuyala kwakhe.”
Simakade, wangiyenga, ngayengeka; ube namandla kunami, wangehlula. Ngibe yinhlekisa usuku lonke, ngaklolodelwa yibo bonke.
Abantu bema, bebukela, kanti ababusi babemklolodela, bethi: “Wasindisa abanye; makazisindise Yena, uma enguKhristu, okhethiweyo kaNkulunkulu.”