“Kepha mina bengiyakumfuna uNkulunkulu, kuNkulunkulu bengiyakuyibeka indaba yami,
AmaHubo 119:154 - IsiZulu 2020 Mela indaba yami, ungihlenge, ungiphilise ngokwezwi lakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mela indaba yami, ungihlenge, ungiphilise ngokwezwi lakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Mela indaba yami, ungisindise; ngiphilise ngokwezwi lakho. |
“Kepha mina bengiyakumfuna uNkulunkulu, kuNkulunkulu bengiyakuyibeka indaba yami,
Phakama, usukumele ukwehlulelwa kwami, uyimele indaba yami, Nkulunkulu wami, Nkosi yami!
Ngahlulele Nkulunkulu, umele indaba yami kubantu abangethembekile, ungikhulule konenkohliso nongalungile.
ngokuba uSimakade uyayimela indaba yabo, kuthi ababephucayo Yena abephuce ukuphila kwabo.
Simakade Wamabandla, mehluleli olungileyo, ovivinya ingqondo nenhliziyo, mangibone impindiselo yakho kubo, ngokuba indaba yami ngiyibeke kuwe.
Kepha umkhululi wabo unamandla, nguSimakade Wamabandla igama lakhe; uyakuyimela nokuyimela indaba yabo, ukuba aphumuze umhlaba, kodwa bangabi nakuthula abakhileyo eBhabhele.
Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, ngiyakuyimela indaba yakho, ngikuphindiselele, ngilomise ulwandle lwalo, ngenze umthombo walo ushe.
Ngiyakubhekana nolaka lukaSimakade, ngokuba ngonile kuye, aze alumele udaba lwami, angenzele ubulungiswa, angikhiphele ekukhanyeni, ngibone ukulunga kwakhe.
Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuze ningoni. Kepha uma umuntu ona, sinoMmeli osimela kuYise, uJesu Khristu olungileyo.
USimakade makabe ngumehluleli, ehlulele phakathi kwami nawe, abheke, angimele, angikhulule esandleni sakho.”
Kwathi uDavide eseqedile ukukhuluma lawo mazwi kuSawule, uSawule wathi: “Ngabe yizwi lakho leli, ndodana yami, Davide, na?” USawule wadazuluka, wakhala.