AmaHubo 119:141 - IsiZulu 2020 Ngimncane, ngedelelekile; nokho iziyalezo zakho angizilibali. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngimncane, ngidelelekile; iziyalezo zakho angizikhohlwa. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngimncane, ngidelelekile; nokho angikhohlwa imiyalo yakho. |
Ngiduka njengemvu elahlekileyo; funa inceku yakho, ngokuba angiyikhohlwa imiyalo yakho.
Kepha mina angisemuntu, ngiyimpethu nje; ngiyisigcono sabantu, nendelelo ezizweni.
Noma ngihlupheka, ngintula, iNkosi iyanginaka, Wena ungumsizi wami nomsindisi wami, Nkulunkulu wami, mawungalibali.
Okuncane nje kanye nokumesaba uSimakade, kungcono kunengcebo eningi ehambisana nokukhathazeka okuningi.
Okuncane okuhle kanye nokulunga, kungcono kunenzuzo enkulu etholakala ngokungalungi.
Ungcono umuntu ompofu ohamba ngobuqotho, kunesiwula esikhuluma okuphambene ngezindebe zaso.
Ndodana yami, ungawukhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayilonde imiyalelo yami,
Yayidelelekile, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu okujwayele ukugula; yayeyiswa, injengofihlelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho.
UJesu, ewaphakamisela amehlo ngakubafundi, wathi: “Nibusisiwe nina enimpofu, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu.
UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo lapho ingacamelisa khona ikhanda.”
Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu uKhristu ukuthi, ngenxa yenu waba mpofu nakuba ayecebile, ukuze ngobuphofu bakhe nina nicebe.
Lalelani, bazalwane bami abathandekayo, uNkulunkulu akabakhethanga yini abampofu bomhlaba ukuba babe ngabacebileyo okholweni, nezindlalifa zombuso awuthembisa kulabo abamthandayo na?