Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami; ngiyalethemba izwi lakho.
Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami; ngiyethemba izwi lakho.
Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami; Ngethemba izwi Lakho.
Ungalisusi emlonyeni wami izwi leqiniso, ngokuba ngiyazethemba izehlulelo zakho.
Abakwesabayo bayakujabula lapho bengibona, ngokuba ngethemba izwi lakho.
Umphefumulo wami ulangazelela insindiso yakho; ngiyalethemba izwi lakho.
Kepha Wena Simakade uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.
Ngakhala kuSimakade ngezwi lami; wangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela
Wena uyindawo yami yokubhaca, uyangivikela enkathazweni, ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela
Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.
Yilowo nalowo uyofana nendawo yokukhosela emoyeni, nesivikelo esivunguvungwini, njengemithombo yamanzi endaweni eyomileyo, nanjengomthunzi wedwala ezweni eligagadekile.