Ngokuba mkhulu uSimakade, ufanele ukudunyiswa kakhulu; uyesabeka ngaphezu kwabo bonke onkulunkulu.
AmaHubo 115:3 - IsiZulu 2020 UNkulunkulu wethu usezulwini, wenza konke ngokuthanda kwakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uNkulunkulu wethu usezulwini; wenza konke akuthandayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa uNkulunkulu wethu usezulwini; Wenza akuthandayo. |
Ngokuba mkhulu uSimakade, ufanele ukudunyiswa kakhulu; uyesabeka ngaphezu kwabo bonke onkulunkulu.
“Yena akaguquki, ngubani ongamguqula na? Wenza lokhu okufiswa ngumphefumulo wakhe.
USimakade umise isihlalo sakhe sobukhosi ezulwini, umbuso wakhe ubusa phezu kwakho konke.
Noma yini uSimakade ayithandayo uyayenza, ezulwini nasemhlabeni, emanzini nasezinzulwini zonke.
Hubelani uNkulunkulu, nidumise igama lakhe, lowo ogibela amafu, nimenzele indlela, igama lakhe nguSimakade, yethabani phambi kwakhe.
owamemezela phambilini okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ethi: ‘Icebo lami liyakuma, ngiphumelelise yonke intando yami, ngifeze zonke izimfiso zami,
uyakuxoshwa kubantu, uhlale nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.”
bonke abakhileyo emhlabeni bashaywa into engelutho; wenza ngokuthanda kwakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akekho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”
Ngakho-ke anokhuleka kanje: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho;
Ngakho-ke nizakuthi kimi: “Kungani pho esasithola sinecala na? Ngokuba ngubani ongamelana naye na?”
kuye futhi sabelwa ifa, njengokuba sasikumiselwe ngaphambilini ngokwecebo lalowo owenza konke ngokwentando yakhe,