U-Isaka wamkhulekela kuSimakade uRibheka umkakhe, ngokuba wayengabatholi abantwana, iNkosi yawuzwa umkhuleko wakhe, uRibheka wakhulelwa.
AmaHubo 113:9 - IsiZulu 2020 Inyumba uyayipha ukuphatha umuzi, ibe ngunina othokozayo wabantwana. Haleluya! IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inyumba uyayipha ukuphatha umuzi, ibe ngunina othokozayo wabantwana. Haleluya! Contemporary Zulu Bible 2024 Wenza umfazi oyinyumba agcine indlu futhi abe ngumama ojabulayo wabantwana. Dumisani uJehova. |
U-Isaka wamkhulekela kuSimakade uRibheka umkakhe, ngokuba wayengabatholi abantwana, iNkosi yawuzwa umkhuleko wakhe, uRibheka wakhulelwa.
Kepha owesifazane wakhulelwa, wazala indodana ngaleso sikhathi ngonyaka olandelayo njengoba u-Elisha ayeshilo kuye.
UNkulunkulu uhlalisa imihlalaqha ezindlini, akhulule iziboshwa bese zinethezeka, abahlubukayo bodwa abahlala emaqwaqwasini.
“Memeza ngokujabula wena nyumba, wena ongazalanga, qhumuka, umemeze ngokuthokoza, dazuluka wena ongakaze uhelelwe; ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi kunabantwana bonendoda,” kusho uSimakade.
Kodwa uma engazingcolisanga, ehlambulukile, uyakukhululeka, akhulelwe, athole abantwana.
Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Thokoza wena nyumba ongazalanga, dazuluka wena ongakaze uhelelwe, ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi kunabantwana bonendoda.”
Abebesuthi sebeyaziqashisa ukuze bathole ukudla; abebelambile sebeyekile ukulamba. Yebo, obeyinyumba uzele abayisikhombisa; onabantwana abaningi uyancunzeka.