“Njengoba ngakuphakamisa othulini, ngakwenza umbusi wabantu bami u-Israyeli, kepha uhambe endleleni kaJerobhowamu, wenza abantu bami u-Israyeli ukuba bone, bangichukuluze, bavuse ulaka lwami ngenxa yezono zabo;
AmaHubo 113:7 - IsiZulu 2020 Uvusa ontulayo othulini, amphakamise ompofu ezaleni, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyavusa odingayo othulini, aphakamise ompofu ezaleni, Contemporary Zulu Bible 2024 Uyavusa ompofu othulini, aphakamise ompofu ethuneni; |
“Njengoba ngakuphakamisa othulini, ngakwenza umbusi wabantu bami u-Israyeli, kepha uhambe endleleni kaJerobhowamu, wenza abantu bami u-Israyeli ukuba bone, bangichukuluze, bavuse ulaka lwami ngenxa yezono zabo;
ukuze aphakamise abaphansi, aphakamisele phezulu, endaweni ephephileyo, abakhalayo.
Umlomo wami wome njengodengezi, ulimi lunamathele olwangeni; ungilalise othulini lokufa.
Abafileyo bakho bayophila, izidumbu zabo zivuke. Vukani, nihlokome ngenjabulo nina enihlala othulini, ngokuba amazolo akho ayoba njengokukhanya kwasekuseni, nomhlaba uyokhipha abafileyo.
Zonke izihlahla zasendle ziyakukwazi ukuthi Mina Simakade ngenza isihlahla eside sibhashe kuthi esibhashile ngisenze sikhule sibe side. Ngiyasomisa isihlala esiluhlaza, bese ngisihlumisa esomileyo sibe luhlaza. “ ‘Mina Simakade ngikhulumile futhi ngiyakukwenza lokho.’ ”
Lalelani, bazalwane bami abathandekayo, uNkulunkulu akabakhethanga yini abampofu bomhlaba ukuba babe ngabacebileyo okholweni, nezindlalifa zombuso awuthembisa kulabo abamthandayo na?
“Inkosi yakwa-Israyeli iphumele ukulandela bani na? Uxosha bani? Ukuhubha inja efileyo, intwakumba eyodwa nje.