Lokhu makube ngumvuzo wezitha ovela kuSimakade, nowabakhuluma kabi ngomphefumulo wami.
AmaHubo 110:5 - IsiZulu 2020 INkosi ingakwesokunene sakho, iyakuchoboza amakhosi ngosuku lwentukuthelo yayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE INkosi ingakwesokunene sakho; iyakuchoboza amakhosi ngosuku lwentukuthelo yayo. Contemporary Zulu Bible 2024 INkosi ngakwesokunene sakho iyakwehlula amakhosi ngosuku lwentukuthelo yayo. |
Lokhu makube ngumvuzo wezitha ovela kuSimakade, nowabakhuluma kabi ngomphefumulo wami.
USimakade wathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.”
Ngiyohlala njalo ngibheke kuwe Simakade, ngokuba Wena ungakwesokunene sami, angiyukuzanyazanyiswa.
Zikhuze izilwane ezihlala emhlangeni, imihlambi yezinkunzi namankonyane ezizwe, ukuze beze bakukhothamele bonke, bethule kuwe izinhlamvu zesiliva, uhlakaze izizwe ezithokozela ukulwa.
Kwathi lapho iNkosi uJesu isibatshelile konke lokho, yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.
Kepha ngenxa yobulukhuni bakho, nenhliziyo engaphendukiyo, uziqongelelela ulaka ngosuku lwentukuthelo nolokwambulwa kokwehlulela okuqotho kukaNkulunkulu,
izizwe zathukuthela, kwase kufika ulaka lwakho, nesikhathi sokwehlulelwa kwabafileyo, nokunika izinceku zakho umvuzo, abaphrofethi nabangcwele nabesaba igama lakho, abancane nabakhulu, nokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.”