Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso kuSimakade, kodwa umkhuleko wabaqotho uyintokozo kuye.
AmaHubo 109:7 - IsiZulu 2020 Ekwehlulelweni kwakhe makalahlwe yicala, umkhuleko wakhe mawube yisono. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ekwahlulelweni kwakhe makalahlwe yicala; umkhuleko wakhe mawube yisono. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho ehlulelwa, makalahlwe, umkhuleko wakhe ube yisono. |
Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso kuSimakade, kodwa umkhuleko wabaqotho uyintokozo kuye.
Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso; kakhulu kangakanani-ke uma ulethwa ngenhloso embi.
Ofulathelisa indlebe yakhe ekulaleleni umthetho nomkhuleko wakhe, uyisinengiso.
Uma niphakamisa izandla zenu, ngiyowafihla amehlo ami; ngisho ningenza imithandazo eminingi, angiyukuyilalela; izandla zenu zigcwele igazi.
Ohlaba inkunzi uyefana nobulale umuntu; ohlaba iwundlu, unjengophule intamo yenja; onikela ngomnikelo wokusanhlamvu, uyafana nonikele ngegazi lezingulube; oshisa impepho, uyafana nobonga isithombe; yebo, bonke laba bakhethe izindlela zabo, futhi nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.
“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Nani aningeni, kodwa abangenayo anibavumeli ukuba bangene.
Kepha siyazi ukuthi lokho okushiwo ngumthetho ukukhuluma kulabo abaphansi komthetho ukuze yonke imilomo ithuliswe, umhlaba wonke ubhekane necala kuNkulunkulu.
Ngokuba bonke abayeme emisebenzini yomthetho, baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangabambeleli, bakwenze konke njalo okulotshwe encwadini yomthetho.”