Siphe ukuba sisizakale ekuhluphekeni, ngokuba ukusiza komuntu kuyize.
Siphe usizo osizini, ngokuba usizo lomuntu luyize.
“Ngizizwile izinto eziningi ezinjengalezi, nonke ningabaduduzi ababi.
“UNkulunkulu akayukulunqanda ulaka lwakhe; bayakhothama abasizi bakaRahabi phansi kwakhe.
Bayekeni abantu abamphefumulo usemakhaleni abo, ngokuba bayini nje nempela?
AbaseGibhithe bangabantu, abasiye uNkulunkulu, namahhashi abo ayizilwane, awasiwo umoya. Lapho uSimakade elula isandla sakhe, umsizi uyokhubeka, nosizwayo awe, babhubhe kanyekanye.
Amehlo ethu aze akhathala, silokhu silindele usizo oluyize, simi emibhoshongweni yethu, silinde isizwe esingenakusisindisa.