“Ungalizingelela yini ibhubesi, impango, usuthise iphango lamabhongo amabhubesi,
AmaHubo 104:21 - IsiZulu 2020 Amabhongo amabhubesi agwavumele inyamazane, efuna ukudla kwawo kuNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izingonyama ezintsha zibhongela impango, zifuna ukudla kwazo kuNkulunkulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Amabhongo ezingonyama abhongela impango yawo, afuna ukudla kwawo kuNkulunkulu. |
“Ungalizingelela yini ibhubesi, impango, usuthise iphango lamabhongo amabhubesi,
Ngubani olungisela igwababa ukudla kwalo, lapho amaphuphu alo ekhala kuNkulunkulu, ezulazula, ngenxa yokweswela ukudla na?”
Amabhongo amabhubesi ayeswela, alambe, kodwa abafuna uSimakade abayukweswela lutho oluhle.
Usho kanje uSimakade kimi, uthi: “Njengengonyama ibhodla, nebhongo lengonyama ligwavuma phezu kwenyamazane, aliphazanyiswa wumsindo wokumemeza kwabelusi abaningi abasuke bebizwe ukumelana nalo, futhi alithikanyezwa ngumsindo wabo, kanjalo uSimakade Wamabandla uyokwehla ukuba alwe entabeni iZiyoni nasegqumeni layo.
Maye, sekububula nemfuyo! Imihlambi yezinkomo yehla yenyuka ikhungathekile, ngokuba ayinamadlelo, nemihlambi yezimvu ithwele kanzima.
Ngisho nezilwane zasendle zilangazelela Wena, ngokuba imifula yamanzi ishile, nomlilo uqothule amadlelo asendle.
Zilwane zasendle, ningesabi, ngokuba amadlelo ehlane aluhlaza, impela nezihlahla zithela izithelo, umkhiwane nomvini kuthele kakhulu.
Ibhubesi lingabhodla yini ehlathini uma lingabambe nyamazane na? Ibhongo lengonyama lingagwavuma yini uma lingabambe lutho na?