ipheshethwa ngumoya, bese inyamalala, nendawo yayo ingabe isayazi.
Ngokuba umoya uyadlula phezu kwayo, bese yinyamalala, nendawo yayo ingabe isayazi.
Ngokuba umoya uphephetha phezu kwayo, isuke; nendawo yawo ayisayikuyazi.
U-Enokhi wayehamba noNkulunkulu. Wanyamalala, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha.
Kepha umuntu uyafa, abe buthakathaka, umuntu obhubhile uphi na?
Iso elimbonile alisayukuphinde limbone, nendawo yakhe ayisayukumbona.
Izwi lithi: “Memeza!” Ngathi: “Ngiyakumemeza ngithini na?” Bonke abantu bangutshani, nabo bonke ubuhle babo bunjengembali yasendle.
Utshani buyabuna, imbali iyavuthuluka, ngokuba uMoya kaSimakade uyakuphephetha. Impela abantu bangutshani.