“Emuva kokuba sezisehlele zonke lezo zinto ngenxa yezenzo zethu ezimbi, necala lethu elikhulu, kodwa Wena Nkulunkulu, awusijezisanga ngokufanele iziphambeko zethu, wabuye washiya insali efana nalena,
AmaHubo 103:10 - IsiZulu 2020 Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu. Contemporary Zulu Bible 2024 Akenzanga kithi njengokwezono zethu; futhi akasibuyiselanga njengokwamacala ethu. |
“Emuva kokuba sezisehlele zonke lezo zinto ngenxa yezenzo zethu ezimbi, necala lethu elikhulu, kodwa Wena Nkulunkulu, awusijezisanga ngokufanele iziphambeko zethu, wabuye washiya insali efana nalena,
Nokho ngomusa wakho omkhulu, awubabhubhisanga, futhi awubalahlanga, ngokuba unguNkulunkulu onesihawu nomusa.
akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha kwakhe, ngokuba ukuhlakanipha kwakhe kubanzi, ukuze wazi ukuthi uNkulunkulu uzokwenza ukhohlwe yingxenye yecala lakho, ukuze kube kuhle kuwe.
Lo muntu bese ebheka abantu, athi: ‘Ngonile, ngahlanekezela okulungileyo, kodwa akwenzekanga kimi njengokufanele.
Simakade, ngizwile umbiko ngawe, ngiyawesaba Simakade umsebenzi wakho; uvuselele nakule minyaka, wenze ukuba waziwe kule minyaka, ukhumbule isihawu sakho nasolakeni.