AmaHubo 102:25 - IsiZulu 2020 Izisekelo zomhlaba wazibeka kwasemandulo, namazulu angumsebenzi wezandla zakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Endulo wawusekela umhlaba, izulu lingumsebenzi wezandla zakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Endulo wawusekela umhlaba, lamazulu angumsebenzi wezandla zakho. |
Zingakaveli izintaba, umhlaba, nezwe ungakakudali, kusukela phakade kuze kube phakade, Wena, Nkulunkulu, ukhona.
Ngokuba izitha zakho, Simakade, izitha zakho ziyakubhubha, bonke abenza okubi bayakuhlakazwa,
ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uSimakade wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa, ngalokho uSimakade walubusisa usuku lwesabatha, walwehlukanisela ukuba lube ngcwele.
Ngathi: “Ngangiphakathi nempilo yami ngizongena emasangweni endawo yabafileyo, ngaphucwe ingxenye yeminyaka yami.”
“Awu, Nkosi Simakade, bheka, nguWena owenza amazulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangezikhwepha zakho, akukho lutho olulukhuni kuwe.